20/05/2026
uthi uShembe:
“Ungayifisi intombi esiganele omunye umuntu, ungayibheki nokuyibheka yisono esibi leso.” Aphinde athi: “Isono sokuphinga ngiyosibiza endondeni ngoba owesifazane uyisithsha esibuthakathaka.......”🥺
Kwakunendoda thize eyabe inokufa okungapheliyo. Lokhu kufa kwabe kuwumzimba wayo owawuhlale ugxaza amanzi nje anganuki.
Yayishintsha kaningi ngosuku olulodwa ngoba yayingele ingagqoka nje impahla yayo, kepha ngomzuzwana nje yayisuke leyo mpahla isimanzi ithe te. Ngalendlela yokuthi wayekhunyulwa maqede, lempahla ikhanywe kuphume amanzi, wena owabona i-washing mayikhanyelwa ukwenekwa.
Yazama lendoda kakhulu ukuzelapha ezinyangeni, ezangomeni, kodokotela, kubathandazi, kodwa do ukuphela lokhu kufa kwayo.
Ezinye izangoma zazimtshela lo mnumzane ukuthi akake ahambe aye eKuphakameni ngoba kulapho inkinga yakhe eyoxazululeka khona, kepha zazithi ayi sizozama nje ukwenza izabana okuwukuzama ukuyelapha.
Nempela zazama izinyanga zehluleka, zehluleka izangoma, behluleka odokotela.
Kepha kwase kusele ukuthi baye kuDokotela ongaphhezu kodokotela, isanusi sasezulwini esingayimayi imbumba, ugagane lokubathiya is’lwane sasezulwini, uGebhumbanaphandle kwelaseMzumbekwaqhuma iziphethu kwaminza iziziba.
Ngempela yavuma lendoda yahamba no nkoskazi wayo balibhekisa emzini waseKuphakameni.
Bathi uma befika phambi kwendlondlo yomusa, kuthiwa yaphuma iqhasha inkosi (uBhombela) endlini ethiwa kuSeSinothi.
Yathi uma ifika phambi kwale ndoda benomkayo yase ibuza: “Hawu bantabami, nginganisiza ngani?”
Kwaphendula indoda kuqala: “Baba, ngiyagula ngikhal’ amanzi emzimbeni wonke,” izibaliselela bandla indoda yabantu.
Abuze uShembe: “Pho mntanami, lo ohamba naye ubani?” Indoda: “Baba, ngunkosikazi wami.”
Kuthiwa yabuz’ inkosi kwaze kwaba kathu (3 times). Yayilokhu iphendula njalo indoda ngokuthi baba ngumkami lo engihamba naye.
Yase ithi inkosi (uShembe): “Uyabona ke mntanami, ukuqamba amanga naphambi kukaNkulunkulu kubi.
Wena awuguli, awunalutho kuphela nje wawuphatha amak