09/08/2026
INKOSI UTHINGO LWENKOSAZANE LUZALWA INTOMBI YAKWA-MAGWAZA.👏❤️❤️
KAFUSHANE NGOMAMA wenkosi u Thingo 👏
• UShembe uBhombela wabe enomabhalane wakhe owayemthanda kakhulu okwabe kuyintombi yakwaMagwaza ogama layo linguSangiwe.
• Lentombi yabe inogazi ithandeka kubantu abaningi kungengenxa nje yokuba nguMabhalane woGagane kuphela kepha yabe inekhono elimangalisayo lokusinela uJehova nokuhalalisa.
• Lentombi ekuphendukeni kwayo ishiye ububhinca nempilo yaseMhlabeni yabe isiyingoduso emiselwe ukushada isilotsholwe, kepha yathi uma ihlangana noShembe eshumayela leli lizwi likaJehova langena alaze lathiywa enhliziyweni yayo.
• Yabe seyimlandela uShembe. Ekumlandeleni kwayo lentombi yakwaMagwaza uBhombela, yabe seyithatha isinqumo esinzima sokuthi angeke isaqhubeka nokuyoshada nomuntu ongamazi uNkulunkulu, yehlukanisa nensizwa eyabe seyiyilobole.
• Abazali balentombi bakhala kakhulu ngenxa yokuthi kwabe sekufanele babuyisele izinkomo emuva ngoba indodakazi yabo ingasafuni ukuyogana, babe sebekhuluma noShembe bethi; "kodwa uyoniselani muntu wenkosi ingane yethu, usufuna siwahlanze lamabheka elobolo lalengane esesiwadlile na?"
• UShembe wazama ukuyincenga lentombi ukuba ilalele abazali bayo iqhubeke nomendo wayo kepha naye uShembe yamehlula imi ngelokuthi lelisoka eselingilobole alilutho kunaloNkulunkulu esengimtholile. Linjalo ke izwi likaNkulunkulu uma selingene kumuntu liye limhlukanise namagugu enhliziyo yakhe, kuthi ngalo adele akuthandayo.
• Ekuqhubekeni kwesikhathi uBabamkhulu wabona ukuba lentombi ingenwe uMoya kaNkulunkulu, wabe esethatha izinkomo eziyinani lalezo eyabe ilotsholwe ngazo eselinikeza abantu bakwaMagwaza esethi "thathani lezinkomo nizinike lomuntu obeselobole lentombi ngoba ayisenakumgana, kepha isikhethe ukugana uNkulunkulu.", Nempela bazithatha baziphindisa kowayezoba ngumkhwenyana wayo. Abazali bayo babe sebeyikhulula ukuba iqhubeke nokukholwa kwaseNazaretha.
• Lentombi yakwaMagwaza yabe isihlala namakhosazana.
AMEN