20/04/2026
I-Sunlight Liquid + Bicarbonate of Soda* uma ufutha ezitshalweni:
*1. I-Bicarbonate of soda (Baking soda)*
- Iletha ini: Ishintsha i-pH ibe yi-alkaline emaqabungeni
- Isiza ngani:
- Ibulala isikhunta* njenge-powdery mildew, i-black spot, i-downy mildew. Isikhunta siyakuzonda i-alkaline.
- Yomisa amabala ,asele ezitshalweni njengeklabishi notamatisi
- Isilinganiso esiphephile: 1 ithisipuni egcwele + 1L wamanzi
*2. I-Sunlight Liquid (Insipho yezitsha).
- Iletha ini: Isebenza njenge "sticker/spreader"
- Isiza ngani:
- Yenza i-baking soda inamathele emaqabungeni esikhundleni sokugobhoza
- *Iklinyoza izinambuzane ezithambile* njenge-aphid, i-mealybug, i-spider mite ngokumunca umoya kuzo
- Ihlanza uthuli emaqabungeni ukuze isitshalo siphefumule
- *Isilinganiso esiphephile*: Amaconsi ama-3-5 kuphela ku-1L wamanzi. Ungafaki kakhulu!
*Lapho kusebenza khona kakhulu:*
- Utamatisi, ikhukhamba, isikwashi, ama-rose - uma kunesikhunta esimhlophe
- Iklabishi, ispinashi - uma kuqala amabala
- Ukuvimbela izifo ngemuva kwemvula
*QAPHELA KAKHULU:*
1. *Ungafuthi elangeni* - yenza ekuseni kakhulu noma ngemuva kuka-4pm. Uma ufutha emini kuzosha amaqabunga.
2. *Yihlole kuqala* - Futha eqabungeni elilodwa ulinde amahora angama-24. Ezinye izitshalo njenge-zucchini ziyazwela.
3. *Ungasebenzisi njalo* - Max 1x ngesonto. Uma usebenzisa kakhulu, i-sodium ku-baking soda izokwakheka emhlabathini ilimaze izimpande.
usungazyekele ngoba uthanda , Saklethelwa inkosi , STAY CONNECTED