14/01/2026
Usizi kutholakala owesifazane ongu Zinhle Masondo ebulewe emva kokuba engenelwe ucingo oluthi akaphuthume kwi interview njengoba aye applayele umsebenzi kufacebook, ube esetshela usisi wakhe ebukeka ejabulile wathi ungenelwe ucingo oluthi akafike kwi interview yomsebenzi, emva kwesikhathi ehambile wafona usisi wakhe wazwakala ekhala efonini yase ivalwa ngokushesha, usisi wakhe ube eseyobikela amaphoyisa atracker ifoni kaZinhle athola ukuthi ungakuphi ase enikela khona, athe uma engena esakhiweni athola amadoda amathathu awaphonsa ngemibuzo enye igcine isilihlanze lonke iqiniso ukuthi bamdlwengulile base beyambulala yakhomba nasegumbini lapho bemfihle khona eseshonile, kulesigameko kube sekudutshulwa amadoda amabili afela khona lapho, kube sekutholakala inqwaba yamalaptop okurojwa ngawo abantu kufacebook bethenjiswa imisebenzi engekho.